Umshayeli uphume iloli ihamba kwadaleka ingozi

2018-02-08 14:01

Cape Town - Umshayeli weloli kuzwakale ukuthi uphume iloli lihamba ngaphambi kokuba liyoshayisa inqwaba yezimoto kuDurban Road eBellville, eKapa.

Ngokusho kokubhalwe enkundleni yezokuxhumana uTwitter, umshayeli uphume iloli lihamba ngemuva kokulizwa ukuthi liphelelwe ngamabhuleki ngemuva kwezithuba zabo-12:00 ngoLwesine.

Isikhulumi sezokuthutha eKapa uMaxine Jordaan uthe kubandakanyeke izimoto ezingu-7 kule ngozi.

OLUNYE UDABA:Iphelelwe amabhuleki itekisi ebulale 5 KwaDabeka

"Kulimale izimoto ezinhlanu zakwaHyaundi nezimbili ebezipakile," esho.

Abosizo lokuqala namaphoyisa bonke basendaweni yesigameko.

Abosizo lokuqala belaphe abalimale, kubalwa nomshayeli weloli olimale emlenzeni.

Eminye imininingwane ngesigameko ayikaziwa, kodwa kulindeleke ukuba ukuhamba kwezimoto kuphazamiseke.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...