'Umshado' we-DA ne-EFF awusisizi ngalutho, kusho izakhamuzi

2017-08-03 07:02

Johannesburg – Kulindeleke ukuba iMeya yaseTshwane, uSolly Msimanga, ahlangane nezakhamuzi zaseMahube Valley kulandela impi phakathi kwezakhamuzi zaselokishini nabahlali basemijondolo.

Sekuphele amasonto ambalwa yaqala le mpi futhi kubonakala isekude ukuphela njengoba izakhamuzi zaseMahube zikhala ngokuthi zikhokha imali eningi yamanzi nogesi okwebiwa abahlali basemijondolo.

NgoJulayi kwashiswa imizi ngemuva kokuthi izakhamuzi zakule ndawo zisola abahlali basemijondolo ngokweba ugesi.

OLUNYE UDABA:Azoshintshwa amagama emigwaqo eTshwane

Okhulumela ihhovisi leMeya, uSamkelo Mgobozi, uthe uMsimanga uzoza namasu okuxazulula isimo kule ndawo.

Omunye wezakhamuzi zakule ndawo uqoshwe nge-video ethi ukusebenzisana kwe-DA ne-EFF akubasizi ngalutho ngoba basemi ndawonye futhi basabhekene nezinkinga ezifanayo nezakudala.

#MahubeResident A elderly resident says the marriage between the DA&EFF is not helping them in anyway."The EFF says people must occupy land" pic.twitter.com/TtiAbLBQ1P

— Jacaranda News (@JacaNews) August 2, 2017 >

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...