Umsebenzi wami ukugcina umama wami emamatheka njalo - Indodana kaNcwane

2017-03-21 08:04

Johannesburg - Sekuphele izinyanga ezintathu selokhu kwadlula emhlabeni isihlabani somculo wowokholo uSfiso Ncwane kanti amadodana akhe asethathe indawo yakhe ekuvikeleni umkakhe ngokumgcina njalo emamatheka.

Indodana kaSfiso, uNgcweti, ufake isithombe sakhe nomama wakhe, u-Ayanda Ncwane, enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.

UNgcweti ubhale ngenkinga abhekene nayo yokugcina unina emamatheka.

OLUNYE ODABA: Siyohlezi simubhekile umama - Amadodana kaNcwane

"Umsebenzi wami nomfowethu omncane ukugcina umama wethu emamatheka ngaso sonke isikhathi. Kodwa nxese ndlovukazi yami angeke sibe ngubaba kodwa siyazama, angithi," kubhala uNgcweti.

UNgcweti uqhube ngokuthi uma kukhona ofuna ukulwisana no-Ayanda kuyomele aqale kuye kuqala.

Lokhu akusikho okokuqala amadodana kaSfiso ethembisa ukuvikela umama wawo.

Ngaphambilini uMawenza Ncwane oneminyaka engu-8 ubudala, ngemuva kokushona kukayise, wabhala enkundleni yezokuxhuana wathi: "Qhawe lami elingubaba. Siyokugadela njalo umama."

ISITHOMBE:

My hero daddy. We will always protekt mommy for you ??

A post shared by Mawenza Ncwane (@mawenzancwane) on

 - TshisaLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...