UMsamariya olungile uzothengela istationary ababanjwa beseba

2016-01-21 13:32

Durban – Ofunda izindaba zakwaNews24 waseGoli eSandton uthe uzothengela abafana ababili baKwaZulu-Natal istationary ngemuva kokuba bebanjwe beseba esitolo esiseVerulam.

Lo mfundi ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe uthe yize engahambisani nobusela uphatheke kabi ngesikhathi ezwa ngodaba lwalaba bafana.

Ngemuva kokukhuluma nabomndeni lo mfundi uthe uzosithumela istationary.

OLUNYE UDABA: Angizange ngiwathume amadodana ukuthi eyokweba-Umama

"Abantu benza izinto ezixakile ngoba bexakekile. Lezi zingane azebanga utshwala kodwa zebe into eziyidingayo ngoba zingenayo imali yokuthenga."

Lo mfundi uthe uzoxhumana nabomndnei ukuze ezothola uhlu lwezinto ezidingekayo zestationary mase eyazithumela emndenini.

La bafana abaneminyaka engu-10 nengu-13 ubudala babanjwa beba istationary okubalwa kuso amapeni ne-calculator. Imenenja yesitolo yabadabukela labafana yangalivula icala.

Umama wezingane uthe uyabonga kakhulu ngosizo ngoba namanje akakabi nayo imali yokusithenga istationary.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...