Umqeqeshi wePirates ukhala ngokudembesela kwabo

2018-01-21 15:49

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic uyavuma ukuthi ukuzethemba ngokweqile kweqembu lakhe yikhona okwenze badlala ngo-1-1 nePolokwane City e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

Kulandela ukwehlula iMamelodi Sundowns ngo-3-1 emdlalweni wayo odlule, iPirates yehlulekile ukuqhubeka nomgqigqo omuhle, yalahlekelwa amaphuzu amabili ekhaya.

Ngokusho kukaMicho, umphumela wabo namaBrazilians kungenzeka ukuba wenzele ezakhe okubi kunokuhle.

OLUNYE UDABA: 'Ngiyomangala uma iDowns yehluleka ukuthatha isicoco seligi'

“Njalo uma udlala umdlalo omkhulu, ugxila kuwona ngakho konke nokwenza, kube nzima ukucabanga ngomdlalo olandelayo. Sicabanga ukuthi umdlalo olandelayo uzoziwina ngokwawo kanti akunjalo.

“Lena yikilabhu esiyishaye kabili iSundowns. Lena yikilabu edlala kahle kakhulu kwiligi ngakho sithole umvuzo [ngokungagxili kuwona lo mdlalo],” usho kanje kwi-SuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sibe nokudembesela, bekudingeka sisebenze ngokuzikhandla ukuze siwine.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...