Umqeqeshi omusha weBucs uthi ukuphesha akuyona indlela yokulungisa izinto

2017-02-20 16:03

Johannesburg - Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, uthi akahlelile ukwenza izinguquko ngokushesha eqenjini leBhakabhaka.

Lo mqeqeshi waseSweden umenyezelwe namhlanje eRand Stadium njengozothatha izintambo.

“Ngeke ngakutshela njengamanje umehluko phakathi kwami nabanye abaqeqeshi aseke baqeqesha lapha kodwa ngizokwenza izinto ngendlela engijwayele ngayo, ngicabanga ukuthi yilokho okufunwa yi-Orlando Pirates,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Umfundisi 'udlwengule' wakhulelisa ingane ekhubazekile

“Ngike ngababona bedlala imidlalo embalwa futhi kunabadlali abanethalente kodwa abangenakho ukuzethemba ngokucabanga kwami.”

“Ngeke ngishintshe yonke into, ngizohlala phansi nabasebenzi kanye nabaqeqeshi namhlanje sikhulume ngesizokwenza kangcono.

“Ngicabanga ukuthi kuzomele silinde sibone. Ngokuvamile ebholeni ayikho into elungiswa ngokuphesha, kuthatha isikhathi. Kodwa esimeni esibhekene naso njengamanje kuzomele siqale siwine imidlalo ngokushesha, sibuyise injabulo.”

- KickOff.com


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...