Umphakathi waseNkwaleni ucela uMnyango ungenelele ngomgwaqo onezingozi

2017-05-10 13:59

Durban - Izakhamuzi zaseNkwaleni zifuna uMnyango wezokuThutha ungenelele ngomgwaqo osuziqedile izimoto zabantu kanye nabantu imbala.

Ijika eliku-R66/R34 libatshazwa kakhulu ngokuthi alishoni ilanga kungagingqikanga imoto kulo. Esikhathini esiningi kuwa amaloli uma ehluleka ukijika kule ndawo, kubika iZululand Observer.

Yize sekwafakwa ama-speed humps ukuphoqa abashayeli ukuthi behlise isivinini uma befika kule ndawo, kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya.

Kwafakwa nezinsimbi eceleni kwalo mgwaqo ukuze izimoto zingaweli ngale komgwaqo kodwa nakho lokho akuwenzanga umehluko.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ufuna kuboshwe inkosi 'enochuku' e-KZN

Onjiniyela abasebenza ngomgwaqo bathi into engaba wusizo wukuthi uhlolisiswe kabusha lo mgwaqo bese uyelulwa.

Ngaphezu kokungaphephi kwalo mgwaqo, abashayeli bakhala nangokuthi ziningi izigebengu ezibacuthelayo lapha zibathathele izimoto ngoba ziyazi ukuthi behlisa isivinini uma befika kuleli jika.

Lesi sicelo siphakanyiswe nayizakhamuzi ezihamba ngamatekisi.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...