Umphakathi uzofaka isandla kufihlwe ingane eshone engozini

2017-09-21 13:59

Johannesburg - Izobekwa endaweni yayo yokugcina ngoMgqibelo intombazane eneminyaka engu-5 ubudala, ebiyenza uGrade R, uKhazimla Nkila, eshone engozini yebhasi ngoMsombuluko ekuseni.

UMisile Kinana, ongumnikazi wemoto, uthe ngosizo lwabangani bakhe nolosomabhizinisi, bazibophezele ekutheni baqinisekise ukuthi uKhazimla ufihlwa ngesizotha.

Umshayeli kaKinana, uKupiso Magxotha, owashayisa uKhazimla, udedelwe yiNkantolo yeMantshi yaseKing William's Town ngebheyili ka-R1 500 izolo (ngoLwesithathu) lapho abhekene khona namacala okubalwa kuwo elokushayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala ngesikhathi sesigameko.

OLUNYE UDABA:Iyafihlwa namhlanje ingane eshonele enkulisa

UKinana uthi bebebambe umhlangano nabomndeni kanjalo nezikhulu zesikole ukuthola ukuthi umndeni ungasizakala kanjani kulesi sikhathi esinzima okuso.

Uthishanhloko wesikole iNkosinathi Primary, uZukile Mnweba, uqinisekise ukubanjwa komhlangano mayelana namalungiselelo omngcwabo.

Okhulumela abakwa-Road Accident Fund, uBoniswa Matshoba, uthe izikhulu zasehhovisi nazo zizoxoxisana nabomndeni ukubheka ukuthi zingasiza ngani.

 - DispatchLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...