Umphakathi uvimba imizamo yokuxosha imeya

2018-04-21 11:02

Kokstad - Ufunga uyagomela umphakathi, osomabhizinisi, amaKomanisi kanye nezinye izinhlaka zawo  zaseNtabankulu uthi leliya dolobha liyoshabalala ligcine seliwumlando uma inhlangano ebusayo esifundeni i-Alfred Nzo kanye nesigungu sesifundazwe ziqhubeka nokuzama ukugudluza imeya yakuleya ndawo esikhundleni.

Amalungu omphakathi abethukuthele egane unwabu abuthelane edolobheni alimisa nse ngoLwesihlanu lapho bekulindeleke ukuthi izithunywa zikaKhongolose zesifunda ziyochitha iMeya yalowa mkhandlu, uMnu Vusi Mgoduka.

Kukhalwa ngenhlese yepolitiki ehlose ukuxova umkhandlu kamasipala nokuthi kunabantu abajahe izikhundla ngenhloso yokufeza izifiso zabo zokubeka amandla omkhandlu ezandleni zabangani babo ukuze “kudliwe”.

Nakuna uMnu Mgoduka engomunye wabebeseka uMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa engqungqutheleni ebiseNasrec ngoDisemba kodwa kuthiwa akabasebenzi ngokubambisana nobuholi be-ANC besifunda, uthatha izinqumo ngendlela yakhe.

Kubikwa ukuthi izithunywa zenhlangano ebeziyomemezela ukususwa kwakhe zijikisiwe ngenxa yokushuba kwesimo.

Isigungi sesifunda i-Alfred Nzo sifuna ukufaka uNkk Tsileng Sobuthongo onguSomlomo womkhandlu wesifunda i-Alfred Nzo esikhundleni sikaMnu Mgoduka nophinda abe yiPhini likaNobhala we-ANC esifundeni.

Kuthiwa izizathu ze-ANC zokuzama ukugudluza uMnu Mgoduka yingoba usebenzela ekhaya, amathenda atamuzwa abakubo ekubikwa ukuthi bayizigwili edolobheni.

Kodwa amalungu omphakathi wona athi lokho kungamampunge ngoba intuthuko bayibona ngamehlo. “Uma umeya ebekhwabanisa ngabe asiyiboni intuthuko, ufike kulo mkhandlu ungenamali kodwa kumanje usesimeni esigculisayo sezezimali njengoba lokho kufakazwa nangabacwaningi-mabhuku. Ufike abantu baseNtabankulu bengenawo ugesi kodwa manje kuyakhanya futhi zimbalwa izindawo lapho ungakafakwa khona ugesi,” kusho uMnu Philile Gusha wezamabhizinisi endawo.

Bathi uMgoduka uze nezinhlelo zokuqhakambisa imfundo kubantu waqinisa ubudlelwane namanyuvesi, okuyizinto ebezingekho phambilini.

“Manje, simkhipha kanjani umuntu onjalo silethelwa abantu base-Alfred Nzo abahlulwe wumkhandlu wabo ekuyimanje usezinkingeni zemali, oKlebe babopha abantu ngapha nangapha. Ngeke sikuvume lokho futhi umeya uMnu Mgoduka uyoxoshwa sifile,” kuchaza amalungu omphakathi.

Imizamo yokuxhumana ne-ANC esifundeni iphunzile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...