Umphakathi ushise umuzi wosolwa ngokubulala indodakazi

2017-02-11 15:35

Inanda – Umphakathi uvuke indlobane wokhela ngomlilo umuzi wendoda esolwa ngokubulala indodakazi yayo engayizali kulandela ukuxabana nomama wengane.

Lesi sigameko senzeke eZimangweni, eNanda, enyakatho neTheku ngoLwesihlanu ebusuku.

Le ngane, eneminyaka engu-9 ubudala, yaduka ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokuthi ingabuyanga esikoleni efunda kuso, iSiphumelele Primary School, esikhona eZimangweni.

Kube wumunyu imoto yezidimbu isihamba nesidumbu sengane, kwathi sekudlula amaphoyiska kwaqhuma umkikizo umphakathi uwabonga ngokwenza umsebenzi oncomekayo.

Ikhansela lendawo uThandanani Mabanga ukhulume neZindaba24 endaweni yesigameko wathi le nto eyenzekile ibaphathe kabi kakhulu bewumphakathi.

“Umama wangibikela ngengane yakhe edukile ngabe sengiyamphelezela siya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala, ekhona naye umsolwa ehamba nathi kodwa enokusolisa ngendlela ayetatazela ngayo.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ushise obesolwa ngokudlwengula izingane

“Kuthe ngoLwesine umama wathola ucingo oluvela enombolweni efihliwe, lolu cingo lwathi abacinge ingane emzini kamsolwa, esitolo eVumbuka.

“Sifikile okokuqala namaphoyisa ingane yathungathwa kulo muzi kepha yangatholakala,” echaza.

Uthi kube sekuvela ulwazi oluthi umuntu ohlolayo uthe le ngane ayibhekwe ethoyilethi lomuzi kamsolwa.

 “Sibe sesiphikelela khona futhi namaphoyisa, nangempela yatholakala le ntombazanyana emhosheni oseduzane nomuzi kamsolwa, isidumbu sayo sesiqala ukonakala,” kuchaza uMabanga.

Uthe okwamanje akucaci ukuthi le ngane ishone kanjani.

“Umntwana utholakale nomfaniswano wesikole, esagaxe ubhakha emahlombe,” esho.

Uqhube ngokuthi umsolwa unomunye umntwana omncane nomama wale ngane, kanti umphakathi unezinsolo zokuthi umsolwa ubenesikhwele ebona sengathi umama uthanda kakhulu le ngane ebulewe.

“Noma ngabe bekunjalo, asikho isidingo sokuthi ingane ibulawe ngesihluku esinje. Esikushoyo thina ukuthi le ngane ayizifelanga, ibulewe.”

Ube esencoma umphakathi ngokubambisana ekulweni nodlame.

Umama ubekhungathekile engakwazi nokukhuluma endaweni yesigameko.

 Amaphoyisa aseMtshebheni awatholakalanga ukuba aphawule, iphoyisa esikhulume nalo lithe alinalo ulwazi ngalesi sigameko, ucingo lwase luyavaleka.

Imizamo elandelile yokushayela lesi siteshi iphunzile njengoba ucingo belungasangeni nhlobo.

Umsolwa uboshiwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...