Umphakathi ushise umuzi kangqongqoshe ePitoli

2017-01-31 14:29

Hammanskraal - Izakhamuzi zasendaweni yaseMoeka zivuke umbhejazana kulandela ukushona kwelinye lamalungu omphakathi.

NgeSonto, lezi zakhamuzi zibabele emzini kaNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni iNorth West, uSello Lehari, bawushisa kanye nezimoto zakhe ezimbili.

Lolu dlame lwalo mphakathi lwaqala ngoMgqibelo njengoba ufuna amanzi ahlanzekile, kubika iDaily Sun.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa agxeka umphakathi ngokushaya abasolwa

Ngeshwa ukubhikisha kwawo lo mphakathi akuphelanga kahle njengoba inkampani yonogada okusolakala ukuthi ingekangqongqoshe kusolakala ukuthi idubule yabulala oyedwa.

Amalungu omphakathi athi ababona kahle abantu ababulala lesi sikhamuzi kanti futhi banesiqiniseko sokuthi basebenzela uLehari.

“Umbulali sike sambona eyingxenye yonogada abavikela ungqongqoshe nomndeni wakhe,” kusho amalungu omphakathi.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela uthe kuvulwe icala lokulimaza impahla, ukushisa, kanye nelokubulala.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...