Umphakathi ushise obesolwa ngokudlwengula izingane

2017-01-16 07:31

Johannesburg – Iqulu labantu lishise labulala owesilisa obesolwa ngokudlwengula amantombazanyana amabili, eMoeka, enyakatho yePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngeSonto.

Amaphoyisa athi izisulu zineminyaka eyisithupha nengu-12 ubudala eMoeka.

Owesilisa ushiswe wangqongqa ngoLwesihlanu ebusuku, kusho okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela.

OLUNYE UDABA: Ubanjiwe obefunelwa elokubulala ingane,7

"Ngokusho kozibonele, ubenomufi lapho ebehlala khona eLosmycherie ngesikhathi kutheleka amalungu omphakathi embamba emfaka emotweni eluhlaza, ahamba naye aya eMoeka Sports Grounds."

Ngokuhamba kwesikhathi ushiswe wabulawa.

Bekungakaboshwa muntu okwamanje.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...