Umphakathi ubulale owesifazane umsola ngokubulala umyeni wakhe

2015-11-23 18:32

Tzaneen – Amaphoyisa aseTzaneen asephume inqina athungatha amadoda amane ahlomile okusolakala ukuthi yiwo abulale umnikazi wendawo yokucima ukoma ePharare, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Amaphoyisa futhi athungatha isixuku esisolwa ngokusola unkosikazi kamufi, uPhenias Shai, 60, ngokubulalisa umyeni wakhe, ngaphambi kokumkhanda ngamatshe washona, kusho owamaphoyisa uMoatshe Ngoepe.

UShai udutshulwe ebanjwa inkunzi ethaveni yakhe ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Wehliselwe isigwebo owabulala umyeni owayemhlukumeza

Ube esephuthunyiswa esibhedlela unkosikazi wakhe, u-Anna Baloyi, kepha washonela emagcekeni esibhedlela.

Ngesikhathi uBaloyi esebuyela ekhaya, uthole isixuku ebesivutha singabaselwe simsola ngokuthengela umyeni wakhe izinkabi.

“Ube esekhandwa ngamatshe washonela endaweni yesigameko,” kusho uNgoepe.

Akukaboshwa muntu kuzona zombili lezi zigameko.

Kucelwa onolwazi ukuba ashayele iCrime Stop ku-0860010111 noma uBrigadier Thomas Shingange ku-082 565 8155.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...