Umphakathi ubulale abasolwa ngobugebengu

2017-03-05 09:01

Johannesburg - Izakhamuzi zasemjondolo yaseCaleb Motshabi eMangaung ezidinwe zigane unwabu zizithathele umthetho ezandleni.

Lezi zakhamuzi zishise zabulala abantu abathathu abasolwa ngokuba izigebengu nokuba ababulali.

Amaphoyisa azame ukungenelela ajikijelwe ngamatshe.

Amalungu omphakathi abathungathe aze abathola abasolwa ngokubulala uSolomon Maweni, 30, ngemuva kokutholakala kwesidumbu sakhe emnyango wasemzini wakhe. Kusolwa ukuthi wabanjwa inkunzi wase ebulawa.

OLUNYE UDABA: Ikhandwe ngamatshe yashona indoda eBloemfontein

UMaweni ubengumfelwa ongunogada; izingane zakhe ezineminyaka engu-2 nengu-4 ubudala seziyizintandane.

U-Alina Lekoro ongumzanyana wezingane uchaze ngokuthi wasithola kanjani isidumbu wathi: "Ngafika ekuseni ngemuba kokuvuswa wumuntu owayeshaya impempe, ngathi uma ngifika ngamufica edindilize phansi eseshonile...ngavele ngashaqeka ngakhala."

Abasolwa ababili bathungelwa ngomlilo kwashiswa nemijondolo yabo.

Umphakathi ukholwa wukuthi ungamalungu eqwembu lezigebengu.

"Ngezithuba zabo-06:00 ekuseni amaphoyisa ashayelwa ucingo ngokubulawa komuntu, indoda eneminyaka engu-30 ubudala.

"Amaphoyisa aphuthuma endaweni yesigameko, kuthe amaphoyisa esasendaweni yesigameko athola imininingwane ngomphakathi ohlasela abantu okusolwa ukuthi bayabandakanyeka esigamekweni sokubulala," kuchaza iMangaung Cluster Commander, uSolly Lesi.

Umsolwa oyedwa waboshelwa ukubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kukaMaweni.

Kusathungathwa abanye abasolwa.

Amaphoyisa athi asathungatha abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokuhlaselwa kwabasolwa.

 - SABC

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...