UMongameli uJacob Zuma wamkelwe njengoSihlalo omusha weSADC

2017-08-19 14:00

Pretoria - UNkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe akazange alibhade kuvulwa kweNgqungwuthela yeSouthern African Development Community ePitoli.

Le ngqungquthela ihanjelwe ngabaholi bamazwe ase-Afrika bephelezelwa ngamakhosikazi abo.

Le Ngqungquthela ivulwe ngokusesikweni nguMengameli uJacob Zuma ngokwamukela lezi zivakashi eNingizimu Afrika. UMengameli uZuma uyena osezothatha isikhundla zokubanguSihlalo weSADC ethatha izintambo kwiSilo saseSwazini.

OLUNYE UDABA:Aweliphikisayo ancome uMengameli ngokwehla esikhundleni

Ethula inkululo yosuku iNkosi uMswati ubonge uMengameli kanye noHulumeni waseNingizimu Afrika ngokubamukela ngezandla ezifudumele. Uthi indlela abaphatheke ngayo kuleli ibonisa ngokusobala ukuthi le ngqungquthela izohamba kahle.

Ubuye wadlulisa amazwi enduduzo ngokushona kwalowo owayenguMengameli waseBotswana emncoma ngamagalelo akhe okusebenzela i-Afrika ebumbene ngishe engasekho esikhundleni sobuMengameli.

Uthi akulula ukuhola le nhlangano futhi ubonga wonke amalungu ayo ngokumethemba yena nesizwe sakhe ukuthi bahole futhi baqinisekise ukuthi kuyenziwa konke lokhu abahlose ukukwenza.

Uthi yize kukhona abakuzuzile, kusekuningi okumele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi amazwe ayingxenye yale nhlangano ayathuthuka ngakwezomnotho futhi yingakho kulo nyaka bathathe isinqumo sokuthi kulonyaka bazogxile ekuthuthukiseni amakhono ngokuvula inyuvesi ezoqinisekisa ukuthi abantu bathola imfundo okuyiyona edingekayo futhi abantu bazoqeqeshelwa ukuba bakwazi ukuzisebenza hhayi ukuba yizisebenzi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...