UMolefe uphonsela inselelo isinqumo sokuxoshwa kwa-Eskom

2017-06-04 16:52

Cape Town – Lowo obeyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom uBrian Molefe, okudingeke ukuba ngoLwesihlanu kuhoxiswe ukubuyiselwa kwakhe kulesi sikhundla, uphonsela inselelo eNkantolo yezabaSebenzi isinqumo sebhodi lakwa-Eskom sokumxosha, wanikeza amaphepha abakwa-Eskom noNgqongqoshe wezamaBhizinisi oMbuso uLynne Brown. 

Okhulumela uBrown uColin Cruywagen ukuqinisekisile ku-Fin24 ngeSonto ukuthi ihhovisi likaNgqongqoshe liwatholile amaphepha, futhi ithimba lakhe lisawafunda.

Ngesikhathi sokushicilela, uMolefe nabakwa-Eskom bebengakayihenduli imibuzo.

OLUNYE UDABA: UBlade Nzimande uthi uZuma nendodana yakhe badayisa ngezwe

NgoLwesihlanu, u-Eskom wamemezala ukuthi uMolefe akasesona isikhulu esiphezulu kwa-Eskom futhi ngeke esaba yingxenye yebhodi lakwa-Eskom.

UMolefe wavuma ukubuyela kwa-Eskom ngemuva kokuba uBrown ethole ukuthi unikezwe u-R30m ngokuthatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi esifanele, nokuyinto aphikisana nayo.

Ukubuyela kwakhe kwa-Eskom kwagxekwa kakhulu amaqembu aphikisayo kanjalo neqembu elibusayo.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...