UMnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo uthi ngeke ukhulume ngesimo sempilo ka-Pistorius

2017-08-06 11:27

Johannesburg – UMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uthi kuphambene nomthetho ukudalula imininingwane  yesimo sempilo yesiboshwa, kulolu daba u-Oscar Pistorius.

UPistorius uphumile esibhedlela ngoLwesihlanu ngemuva kokuchitha ubusuku ehlolwa kulandela ukugula.

Kubikwe ukuthi lo msubathi owagwetshwa ngecala lokubulala intombi yakhe, ungeniswe esibhedlela ngemuva kokukhala ngezinhlunzu zesifuba, futhi kungaphefumuleki kahle.

OLUNYE UDABA: UMbalula ukhala ngezibhamu ezingekho emthethweni

Okhulumela uMnyango uLogan Maistry uthi imininingwane ngesimo sempilo yesiboshwa abakwazi ukuyidalula emphakathini.

“Isiboshwa okukhulunywa ngaso siphumile esibhedlela kanti manje singaphakathi ejele esigcinwe kulona.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...