UMnyango wezeMfundo uphika eyokwelulwa kwamaholidi ngenxa yokushona kukaMadikizela-Mandela

2018-04-10 07:36

Johannerburg -UMnyango wezeMfundo eGauteng uyayiphika imibiko esabalale ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokuthi izikole ngeke zivulwe namhlanje ngoLwesibili, ngenxa yokushona kweqhawe lomzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela.

Okhulumela uMyango uSteve Mabona uthi umyalezo ongamanga osabalaliswa ezinkundleni zokuxhumana, wazisa abafundi ngokuthi izikole ngeke zivulwe ngoLwesibili.

UNgqongqoshe wezeMfundo uPanyaza Lesufi uthi uMnyango uyaziqhelelanisa nalo myalezo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfana, 13, ngokugwaza abulale umngani wakhe

"Kuyishwa ukuthi lo myalezo ongelona iqiniso ususatshalaliswe kangaka ezinkundleni zokuxhumana. Sifisa ukuziqhelelanisa nawo.

"Sithanda ukuphinde samukele abafundi bethu ngethemba lokuthi bakulungeke futhi bakulangazelele ukwenza kahle esigabeni sesibili,” kusho uLesufi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...