Umnikazi womuzi udubule wabulala umgqekezi

2017-07-10 12:30

Boksburg - Uvulele ngenhlamvu umnikazi womuzi oseParkdene ethola izigebengu ezimbili zigcwele indlu yakhe.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Mack Mngomezulu okhulumela amaphoyisa esifunda eKurhuleni Central Cluster, lo mnikazi womuzi udubule wabulala umsolwa oyedwa.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iBoksburg Advertiser, unkosikazi wakulo muzi, naye oyiphoyisa elisebenzela eKurhuleni Central Cluster ubengena ngesango elikhulu ngesikhathi ebona isango lasemnyango livuliwe.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usekubhaceni umnikazi we-MMM Global

“Ngesikhathi lo wesimame ezama kungena emzini wakhe, ubone kuqhamuka amadoda amabili. Oyedwa uvele wamdonsa ngezinwele wamtshela ukuthi uma eke wamemeza bazomdubula,” kusho uMngomezulu.

Laba basolwa babe sebemfaka ekhishini bayongena ekamelweni nokuyilapho abahlangane khona nomnikazi womuzi ephethe ivolovolo.

“Umnikazi womuzi udubule kathathu. Umsolwa oyedwa usale enkundleni kanti lo omunye obephethe isibhamu ukwazile ukubaleka,” kuqhubeka uMngomezulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...