Umnikazi womuzi udubule wabulala isigebengu sivimbezele indodakazi

2017-01-18 13:01

Johannesburg - Kubulewe umsolwa oyedwa kwabane abagasele emzini oseBoksburg behlomile.

Okhulumela amaphoyisa aseBoksburg North uCaptain Juanita Coetzer uthe abasolwa bangene kulo muzi ngo-12:30 ngoLwesibili ebusuku.

Bafike bavimbezela indodakazi yakulo muzi ebisezansi bayifuna imali, kubika i-Boksburg Advertiser.

“Ubaba wayo obelele phezulu uzwe indodakazi yakhe imemeza waphuthuma isibhamu sakhe,” kusho uCoetzer.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usemkhomba njengelanga lishona ubaba wengane uDineo

Lo baba ube eselibangisa ezansi ngesikhathi wabe esezithela phezu komsolwa emkhombe ngesibhamu.

“Lo baba ube esevulela ngenhlamvu kona lapho,” kusho uCoetzer.

Umsolwa, odubuleke ekhanda, ushonele khona lapho kanti ozakwabo babaleke bamshiya.

Kuvulwe icala lokuphanga kanye nokuphatha isibhamu esingekho emthethweni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...