'Umngani wami ubengafanele ukushona ngaleya ndlela'

2017-09-22 11:04

Port Elizabeth – Owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala, obesebenza njengomphaquli, oshaywe washona ePort Elizabeth ngeSonto, uchazwe ngumngani wakhe njengomuntu obekwazi ukuphilisana nabantu.

"UNtomboxolo Peter ubenothando futhi emesaba kakhulu uNkulunkulu. Ubenomoya omuhle futhi enza konke okusemandleni ukusiza abanye,” kusho uNontandathu Pangwa etshela iNews24.

"Namanje ngisashaqekile ngokwenzekile – umngani wami ubengafanele ukushona ngaleya ndlela.”

UPeter wahlonzwa njengoshonile ngemuva nje kancane kokuthi ephuthunyiswe yisoka lakhe nabangani esibhedlela ngeSonto ntambama, kusho okhulumela amaphoyisa asePort Elizabeth, uCaptain Andre Beetge.

OLUNYE UDABA: Isoka lishaye labulala intombi ngefosholo phambi kwabangani

Kuthiwa ubelimele kabi ngesikhathi efika eLivingstone Hospital.

"Bekubonakala sengathi ubeshaywa ephindelelwa isikhathi eside ngesikhali esicijile njengoba ebopha kanzima.”

UBeetge uthe yize isoka lakhe lingumsolwa ecaleni lokubulala, bekungakaboshwa muntu.

“Uphenyo lusesigabeni esibucayi,” esho.

Umngcwabo kaPeter uzoba ngoMsombuluko ngomhlaka-25 Septhemba.

UPangwa uthe uzomkhumbula ngezinto eziningi abebezenza ndawonye umngani wakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...