Umngani ugwaze wabulala omunye bephuma ephathini

2017-06-12 12:31

Johannesburg - Umfana oneminyaka engu-17 ubudala ugwazwe esifubeni washona kade bezikhiphile nabangani bakhe ekuseni ngeSonto, kusho abosizo lokuqala.

Isigameko senzeke kuYeo Street, eBellevue East, eGoli, phakathi kwamabili.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Kay Makhubela, iqeqebana labafana beliphuma ephathini ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwababili, balwa.

"Omunye ogwaze omunye ngesikhlali esicijile. Ungeniswe kwenye indlu ngesikhathi kusalindwe i-ambulensi,” kusho uMakhubela.

OLUNYE UDABA: Kutholakale usana lulahlwe emgqonyeni

Amaphoyisa athi okwamanje asathungatha umsolwa oyedwa ogcwele izinkalo.

Ngesikhathi abosizo lokuqala bakwa-Netcare 911 befika endaweni yesigameko, bathole ibhungu lihlaselwa yisifo senhliziyo, kusho okhulumela iNetcare 911 uChris Botha esitatimendeni.

Nakuba bezamile ukusihlenga isisulu, kube sekuqinisekiswa khona lapho ukuthi sesishonile.

Kuvulwe idokodo kanti uphenyo luyaqhubeka.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...