Umngani kaMagaqa ugeqe amagula emngcwabeni

2017-09-17 08:35

Umzimkhulu – Umngani kaSindiso Magaqa ugeqe amagula emngcwabeni kalowo owayengunobhala we-African National Congress Youth League, wathi imoto eyayihamba izinkabi yaphinde yabonakala futhi endaweni ngemuva kwesonto kwenzeke isigameko.

Amakhulu abantu abebehambele umngcwabo kaMagaqa obubanjelwe lapho ezalwa khona eMzimkhulu, basale bebambe ongezansi kuphuma amaqiniso ngoMgqibelo.

UMagaqa wadutshulwa ngoJulayi kwagcina kumenela esibhedlela esiseThekwini ngesonto eledlule.

Umngani wakhe omkhulu, uLess Stuta, uthe uMagaqa wabulawa ngoba wayengahambisani nenkohlakalo.

UStuta uphinde wagxeka izikhulu zakuMasipala waseMzimkhulu, ezisola ngokuqashana ngokwazana nangokuthengelana izinkabi ukuze kuzobulawa labo abayizimbangi.

OLUNYE UDABA: UMalema akaphumelelanga emngcwabeni kaMagaqa

Uqhube ngokuthi labo abangogombela kwesabo yibo kanye ababulala i-ANC.

UStuta uphinde waveza ukuthi imoto ebomvu yohlobo lwe-BMW eyabonakala ngelanga okwadutshulwa ngalo uMagaqa namanye amakhansela amabili, yaphinde yabuya futhi ngemuva kwesonto kwenzeke isehlakalo.

Umndeni kaMagaqa uthe uyethemba ukuthi umufi uzoqhubeka ababheke noma engasekho emhlabeni.

Umama wakhe nonkosikazi bazwakalise umunyu ngesikhathi bevalelisa uMagaqa bathi impilo izoba nzima ngaphandle kwakhe.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...