Umndeni wesihlabani sikamaskandi ufuna kumbiwe ithuna

2016-01-20 10:00

Durban - Umndeni womculi kamaskandi osadlula emhlabeni uMgqumeni Khumalo ufuna ukuthi kumbiwe ithuna lakhe.

Lokhu kulandela isinqumo senkantolo yasePietermaritzburg sangenyanga ephelile esathola uSibusiso Gcabashe enecala lokukhwabanisa nokuqamba amanga. Inkantolo yaphinde yamthola enecala lokushaya, ukudlwengula nokuthumba.

UGcabashe wadlwengula owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala waseXopo ngonyaka wango-2011 kanti ngoLwesibili bekulindeleke ukuba kulalelwe isigwebo sakhe.

Umndeni wakwaKhumalo uthi uGcabashe unguMgqumeni, uthi wathunjwa wadliswa umhlabathi nobisi ngoba befuna ukumenza umkhovu.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo uMgqumeni

Nakuba kunalo inkantolo ayizange ikukholwe lokho kunalokho ivele yathola uGcabashe enecala lokuzama ukuzenza uMgqumeni.

Umfowabo kaMgqumeni uDalingcebo Khumalo uthe umndeni awuzange utheneke amandla ngesinqumo senkantolo kunalokho usufuna ukuqinisekisa kuthi uGcabashe unguMgqumeni.

Umndeni wakubo kamama kaMgqumeni, okungabakwaMseleku akhulela kuwo uMgqumeni nawo ufuna kumbiwe ithuna likaMgqumeni kodwa ngesizathu esahlukene.

“Sikholwa wukuthi ukumbiwa kwethuna kuzophazamisa umzala wethu kodwa makwenziwe. Ngalendela wonke umuntu uzolazi iqiniso, kuzovela ukuthi umzala wethu olele lapha. Sifuna kuvele obala ukuthi abakwaKhumalo bangabantu abanamanga.Sithemba ukuthi bazoboshwa futhi ngalhoku abakwenzayo,” kusho uSakhiseni Mseleku, kubika iDaily Sun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...