Umndeni waseSahlumbe ukhala ngentombi egweve nesidumbu sendodana yawo

2017-05-14 09:33

eMnambithi - Udidekile umndeni wakwaDuma eSahlumbe ngowesimame ongafuni nesidumbu sendodana yabo.

Isidumbu sikaJabulani Duma, 52, owayesebenza njengesosha sesiqede inyanga sisemakhazeni ngenxa yombango phakathi kwalo mndeni kanye nentombi yakhe.

Ngokubika kwephephandaba iSolezwe, intombi kaDuma nayo eyisosha yayinaye endlini ngesikhathi edutshulwa abantu abangaziwa emqashweni wakhe oseRoosbom, eMnambithi.

Ngokusho kukadadewabo uZanele, Duma, 41, intombi kamfowabo ayibatshelanga ngokudutshulwa kwakhe baze bezwa ngabantu.

 Uthe ngemuva kwalokhu umndeni wenza amalungiselelo okumngcwabo.

Inkinga iqale lapho intombi ishaya phansi ngonyawo utshela lo mndeni ukuthi ibishade naye umufi futhi iyona ezokwengamela wonke amalungiselelo okufihlwa kwakhe.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu kulwa abasesithenjini ngocelemba

Bazama abomndeni ukuxoxisana nayo bayincenga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

"Sesihambe saze saba bafishane yonke iminyango nasezinkantolo silungisa lolu daba. Amakhandlela sesiwakhanyise saze sawacisha ekhaya ngoba asazi zilinde into yanini,"kusho odadewabo.

UZanele uthi uma becela le ntombi ukuba ibakhombise incwadi yomshado iyahluleka.

Uthi okubuhlungu wukuthi njengoba babhekene nale nkinga intombi iphansi phezulu nezimoto zikamfowabo iFord Ranger, iToyota Tazz kanye nomakhandakhanda nakho egweve ngakho.

Leli phephandaba lizamile ukuxhumana nalo wesimame kodwa lahluleka.

Kuthiwa le ntombi ayiziphenduli izinombolo ezingayazi kanti namaphoyisa athwele kanzima njengoba ehluleka ukuxhumana nayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...