Umndeni wakwaGupta ungase udlelwe ibhanoyi

2017-12-21 12:30

Pretoria – Kungenzeka ukuba umndeni wakwaGupta ungaphansi kwengcindezi yezimali njengoba sekuvele amahlebenzi athi ungase udlelwe ibhanoyi lawo likanokusho ngenxa yokwehluleka ukukhokha.

IFinancial Mail ibika ukuthi inkampani yebhanoyi, i-Export Development Canada (EDC), isihoxise isivumelwano enaso nalo mndeni, ngemuva kokuba lo mndeni wehlulekile ukukhokha u-$1.4-million ngo-Okthoba.

I-EDC iphinde yabalula ubungozi bokuba kwezepolitiki kwalomndeni njengesinye sezizathu zokuhoxisa isivumelwano.

OLUNYE UDABA: Ufuna usizo owesifazane ohlaselwa otikoloshe

Umndeni wakwaGupta usakweleta imali engu-$28-million ngebhanoyi.

Leli bhanoyi belihlala kakhulu eLanseria Airport kodwa selike lahambela phakathi kwaseNdiya naseDubai.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...