Umndeni ukhuze umhlola umakoti efuna ukusakaza uskwiza ngenhlamvu

2017-02-20 19:30

Durban - Umakoti usolwa ngokuhlwitha sibhamu ephoyiseni wazama ukudubula uskwiza wakhe ngoba kubangwa umuzi eMlaza.

Lokhu kwenzeka ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi umakoti efike namaphoyisa elethele uskwiza wakhe incwadi yasenkantolo.

UNksz Boni Shozi, uthe bekuvele kunokungezwani phakathi kwakhe nomakoti wakubo, uNkk Gugu Shozi njengoba lo mndeni sewuze wayisana enkantolo ubanga umuzi ongowomndeni. Umuzi obangwayo useduze nowawuyisitolo okuhlala kuwo uNksz Shozi nomndeni wakhe okukhona kuwo unina ongumnikazi womuzi.

Uthe namanje usathuthumela emuva kokuthi umakoti wakubo ezame ukumdubula.

“Ufike namaphoyisa ngisasegcekeni ngilungiselela ukuphuma ngiye emsebenzini ntambama ngoba bengingena ebusuku. Lithe leli elinye iphoyisa lisangichazela ngokubhalwe encwadini lingichazela nokuthi kufanele ngisayine incwadi, umakoti wadonsa isibhamu salo okhalo wangikhomba ngaso,” kulandisa uNksz Shozi.

Ngesikhathi enza lokhu amaphoyisa abe esezama ukusiza, elilodwa lawo lasibamba isibhamu esasiphethe lakhipha ikhasethi ebinezinhlamvu yawela phansi.

OLUNYE UDABA:Umakoti wokuqala kaNgizwe akasalitholi ithuba nomyeni wakhe

“Kusho ukuthi ubesezitshelile nje ukuthi uzongidubula ngoba besingalindele ukuthi angaze athathe isibhamu ephoyiseni imbala,” kusho uNksz Shozi.

Lesi sigameko sandulela esokuxabana kwabo bebanga ukuthi umakoti uphume kulo muzi obangwayo wapaka imoto yakhe phambi kwesango.

Ngokusho kwakhe kuvele ukuthi umakoti wakubo nomyeni wakhe ongumfowabo bashintshe igama likanina wabo etayiteleni ukuze libize umyeni wakhe.

Lo muzi kuthiwa wawukade ulinyalelwe wuphahla, umfowabo ongasekho walulungisa ngesikhathi ecela ukuqutshiswa kuwona.

Emuva kwalokhu abaphindanga baphuma nomkakhe kwaze kwaba uyashona umfowabo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNkk Shozi ayiphumelelanga njengoba ethe uma ebamba ucingo wathi usashayela ucela ukubuye athintwe kodwa kuthe uma esethintwa izikhathi eziningi wangabe esalubamba ucingo. Akazange ayiphendule nemiqhafazo abethunyelwa yona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya ngecala lokukhonjwa ngesibhamu, kubika iSOLEZWE.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...