Umndeni ufuna udaba lwengane eyashonela esontweni luphenywe yiphalamende

2018-01-05 07:25

Johannesburg - Umndeni wengane eyashona ngesikhathi idinga usizo lodokotela ngosuku olandulela uKhisimusi eKurehuleni usucele ukuba iphalamende liphenye imbangela yokushona kwengane.

"Sibuhlungu. Lolu daba kufanele luye ephalamende. Iphalamende kufanele liphenye ukuthi kungani abosizo lokuqala bengawenzanga umsebenzi wabo," kusho u-Ayanda Klaas, ongumalume wengane uLatoya, enkonzweni yesikhumbuzo esontweni u-Incredible Happenings Ministry eKatlehong ngoLwesine.

"Ukube kwakungesibo ubudedengu babo, ngabe ingane isaphila. Ngibuhlungu, abazali bengane babuhlungu, ngoba umnyango wezempilo wahluleka ukwenza umsebenzi wawo."

OLUNYE UDABA: Umama wengane eyashonela esontweni ufuna ingane ingcwatshwe uhulumeni

Umama wengane, uNontombi Gwam, ngaphambilini wathi ingane waqale wayihambisa emtholampilo eDaveyton kodwa wangaluthola usizo olufanelekile. Ngemuva kwalokho wayihambisa kudokotela ozimel, ngemuva kwalokho ingane yagula kakhulu wayihambisa kumphrofethi uPaseka "Mboro" Motsoeneng.

Lo mama ingane uthi wayisa kuMboro ukuze ezoyikhulekela.

UMboro wayikhulekela ingane waphinde wabiza abosizo lokuqala. Ngesikhathi kufika i-ambulensi, kwaba nokungaboni ngasolinye phakathi kwaMboro nabosizo lokuqala.

Imininingwane yokwenzeka esontweni iyaphenywa.

 - TimesLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...