Umndeni ufuna isinxephezelo senkomo ngobesabisa abebeyolanda izigqoko

2016-11-05 13:32

Durban – Umndeni kaThandanani Nkambule ufuna omakhelwane babo bakwaNhleko bahlawule inkomo ngokulimaza umshana wabo kabi kulandela ukuthi esuse uthuthuva.

UNkambule, 24, kuthiwa kumanje ulele esibhedlela kulandela ukulimala kanzima wakhumuka amazinyo angu-8.

Uninalume wakhe uDomo Mabaso, uthi uNkambule ushaywe abafana ababili bakamakhelwane ngemuva kwenzinsolo ezithi usabise abantu abebezolanda izigqoko njengoba kade kunomshado kaNhleko, eGujini, eJozini.

Uyobuye aganwe ngubani umshana esenezingozi ezingaka futhi engasenawo namazinyo. Yimbi le nto abayenzile,” kusho uMabaso.

Ngokubika kweLANGA, uNkambule kuthiwa uthelwe ngemvula yamatshe emuva kokwesabisa abantu abebeyolanda izigqoko ngoMsombuluko emzini wakwaNhleko obekushadiswa kuwona amalunga awo angasekho emhlabeni.

OLUNYE UDABA: Ikhandwe ngamatshe yashona indoda eBloemfontein

Kuthiwa sekuwumlando ukuthi uNkambule ubenamazinyo emuva kokuba amalungu omndeni wakwaNhleko emqhulule ngamatshe emuva kokwesabisa ngokugwaza abantu.

Kubikwa ukuthi uNkambule ususe uthuthuva ngoba enethemba lokuthi abangani bakhe bazoyingenelela impi kodwa bavele bazithela ngabandayo, wayibamba yedwa.

Ngokusho komthombo, lesi sigameko sesifane nosawoti esilondeni ebudlelwaneni obebuvele bungebuhle phakathi komndeni wakwaNhleko nowakwaMabaso, koninalume baNkambule.

AbakwaMabaso bathi umshana wabo bekungamele ashaywe kepha bekumele kubizwe bona bayomthatha uma kungukuthi uvusa umsindo.

Okhulumela umndeni wakwaNhleko, uBongani Nhleko, uthe nguye uNkambule osuse umsindo wakhomba abantu bakubo ngommese ebasabisa ngokubagwaza.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...