Umndeni nomyeni babanga isidumbu sowayengumsakazi

2017-09-11 12:35

Limpopo - Ubungafuna ukuthi ubukele umdlalo uMuvhango ngokwenzeke ngemuva kokushona kwalowo owayengumsakazi weThobela FM futhi engumculi odabuka eLimpopo uNeo Saka.

Le ntokazi eyashonela esibhedlela ngomhlaka 22 ku-Agasti bekumelwe ingcwatshwe ngeSonto eledlule kodwa akwenzekanga lokho ngenxa yombango emndenini.

Inkinga yaqala lapho umyeni kaSaka uKelepe Makgabo kanye nomndeni wakubo ubanga ukuthi ngubani onelungelo lokungcwaba le ntokazi.

USaka ogamalakhe langempela wuNeo Seakamela, wayeneminyaka engu-52 ubudala ngesikhathi edlula emhlabeni.

Ingxabano yabhebhetheka kakhulu ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi umndeni wale ntokazi ubiza amaphoyisa ukuza azonqanda umkhwenyana ukuba angasithathi isidumbu sikamufi.

 OLUNYE UDABA:Kushaqeke abebehambele umshado kuboshwa umkhwenyana eMtuba

Lo mndeni ufuna le ntokazi ingcwatshwe nezidalwa zakubo eMokomene,  endaweni yaseBotlokwa.

UMakgabo ufuna umkakhe angcwatshelwe GaMaja lapho bebehlala khona bobabili. Lo mkhwenyana uthi yena nomufi bashade ngokusemthethweni futhi unelungelo lokumngcwaba.

Umndeni kamufi uyakuphika lokhu, uthi laba bobabili babaleka bayoshada ngokuyimfihlo ngakho-ke akanalo ilungelo lokungcwaba uma engazange alulandele usiko lokuthi amthathe njengonkosikazi futhi engakaze awakhiphe amalobolo, kubika iSunday World.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISilo sixwayise uRamaphosa

2018-01-21 10:29
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...