Umndeni kaJoe Mafela ubonga imiyalezo

2017-03-20 09:31

Johannesburg – Umndeni kaJoe Mafela – ongasekho emhlabeni -  udlulise ukubonga esizweni ngemiyalezo yokweseka ngalesi sikhathi esinzima.

UMafela udlule emhlabeni engozini yemoto eyenzeke ku-M1 eGoli ngoMgqibelo ebusuku. Amaphoyisa asaqhuba uphenyo ngecala lokubulala ngokungenhloso.

UMafela ubengomunye wabalingisi abadume kakhulu eNingizimu Afrika.

Ngeminyaka yabo-1980 wayelingisa emdlalweni owawuyintandokazi, iSgudi ‘snaysi, kanti udlule emhlabeni elingisa indawo kaMalume uTebogo Moroka kwiGenerations the Legacy.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe owesifazane esemtholampilo eKZN

UMafela ushiye emhlabeni izingane ezine kanye nabazukulu abayisithupha.

“Okwamanje besingakaphothuli noma besingakaziqali izinhlelo zomngcwabo,” kusho uMilicent Mulelo.

"Sithanda ukubonga kakhulu abantu baseNingizimu Afrika ngemiyalezo esiqinisayo.”

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 7-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...