Ummeli uthi uyahlukunyezwa futhi ufakwa ehlazweni uNtlemeza

2017-05-17 18:01

Pretoria – Ummeli walowo obeyiNhloko yophiko loKlebe, uMajor-General Berning Ntlemeza, utshele iNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngoLwesithathu ukuthi isicelo sakhe sokuvimbela uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFikile Mbalula, siyaphuthuma ngoba izenzo zikaNgqongqoshe azikho semthethweni.

U-Advocate Nceba Duduka utshele inkantolo ukuthi inhloso yalesi sicelo ukuvimbela uMbalula ukuthi aqhubeke nokwenza okungekho emthethweni, bese kuvunyelwa noNtlemeza ukuba abuyele emsebenzini njengeNhloko yoKlebe.

Kodwa-ke ummeli kaMbalula, uNazeer Cassim, ukuchithile lokhu ngelokuthi inkantolo yathola ukuthi uNtlemeza akakulungele ukubamba lesi sikhundla, wathi lesi sicelo asiphuthumi futhi kuhloswe ngaso ukucosha amaphuzu ngokwezepolitiki.

OLUNYE UDABA: I-SABC ikhangisa ngomsebenzi wobeyisikhulu sayo, uHlaudi Motsoeneng

IJaji uShiela Mphahlele utshele uDuduka ukuthi kuzomele ambonise ukuthi lesi sicelo siphuthuma ngempela, ikakhulukazi njengoba emasontweni amabili kuzolalelwa ukudluliswa kwesinqumo senkantolo ngoNtlemeza eNkantolo yezokuDluliswa kwamacala.

Kodwa-ke uDuduka utshele inkantolo ukuthi usuku nosuku uNtlemeza engekho emsebenzini uyahlukumezeka futhi utheleka ngehlazo.

NgoMashi, inkantolo yathola ukuthi owayenguNgqongqoshe wamaphoyisa, uNathi Nhleko, washaya indiva izinqumo ezimbili zenkantolo, ezathola ukuthi uNtlemeza wayengenabo ubuqotho futhi engathembekile ngesikhathi emqoka njengeNhloko yophiko loKlebe.

UNtlemeza wahluleka emizamweni yokunikezwa igunya lokudlulisela phambili lesi sinqumo. Kodwa-ke wanikezwa igunya lokudlulisa umyalelo othi angabe esalubhada emsebenzini. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 16-26°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Showers late. More clouds than sun. Cool. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...