Ummeli uselaxaze osolwa ngokunukubeza izingane zesikole eSoweto

2018-01-19 18:02

eGoli - Ummeli obemele owesilisa osolwa ngokunukubeza izingane zesikole ezingu-50 usehoxile kuleli cala.

Ummeli walo msolwa okuthiwa wayenukubeza abafundi baseXuma Primary School, utshele iMantshi yaseProtea ngoLwesihlanu ukuthi ngeke asaqhubeka nomsebenzi wakhe.

"Ngithanda ukuhoxa kulolu daba,"kusho uDenise Mabasa obemele umsolwa njengoba bekumele afake isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abesimame abane eGoli

Lo msolwa, 57, kuthiwa wanukubeza abafundi abangu-55 kodwa bangu-34 abaphumele obala ngalokhu.

UMabasa utshele iMantshi ukuthi uhoxa kuleli cala ngenxa yokushayisana kwezimo.

Umsolwa usenqume ukuba abemelwe ngabammeli bombuso.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...