Umlingisi wakuleli uwele emphophomeni kuqoshwa ifilimu eDrakensberg

2018-04-14 08:23

eThekwini -  Umlingisi oneminyaka engu-39 waseCenturion, eGauteng, ushonile ngemuva kokushelela empophomeni eSterkspruit.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqoshwa ifilimu eDrakensberg. 

Okhulumela amaphoyisa akwaZulu-Natal uLt Col Thulani Zwane uthi lokhu kwenzeke ngoLwesine ntambama ngo-17:15.

OLUNYE UDABA: UPearl Thusi ulandisa ngesigameko acishe abanjwa kuso inkunzi

"Bebematasa beqopha ifilimu ngesikhathi eshelela wawela empophomeni. Ithimba labaseshi alikwazanga ukutakula isidumbu sakhe ngoLwesine ngoba isimo besibucayi kakhulu."

UZwane uqhubeke ngokuthi isidumbu salo mlisngisi sitholwe yithimba labatakuli basePietermaritzburg ngoLwesihlanu ekuseni ngo-10h00.

Uthi kuvulwe idokodo kanti uphenyo luyaqhubeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...