Umlimi udubule isisebenzi 'ecabanga ukuthi yinkawu'

2017-03-10 07:44

Polokwane – Umlimli kuthiwa udubule walimaza isisebenzi sasepulazini nge-pellet gun eLetsitele, ecabanga ukuthi yinkawu, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesine.

UMathanene Ishmael, 55, ubehamba ngebhayisikili ngesikhathi umlimi emdubula ekhanda nge-pellet gun ngoLwesithathu, kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo esitatimendeni.

"Umsolwa uthi ubecabanga ukuthi yinkawu."

U-Ishmael uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane elimele ekhanda.

OLUNYE UDABA: Isihluku kudutshulwa owesifazane phambi komndeni eMlazi

Umlimi oneminyaka engu-47 ubudala uboshiwe kanti uzovela enkantolo kaMantshi eRitavi ngoLwesihlanu ngecala lokuzama ukubulala.

Ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nneke Ledwaba uxwayise abanikazi bezibhamu ngokuthi kumele baqale babenesiqiniseko ngento abafuna ukuyidubula ngaphambi kokudubula.

Khonamanjalo, umsolwa oneminyaka engu-87 ubudala waKwaZulu-Natal uvele eNkantolo kaMantshi eMzinto ngoMsombuluko ngezinsolo zokudubula abulale ingane,12, ecabanga ukuthi yinkawu.

Ingane yomfana yayikha amagwava esihlahleni esisendaweni yomsolwa ngeSonto ngesikhathi idutshulwa, ngokusho kukaSergeant Patrick Msomi etshela iNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...