Umlilo ucekele phansi imizi emibili eRooi Els

2017-03-20 14:00

Cape Town – Kusetshenziswe indiza enophephela emhlane ukucima umlilo - phakathi kwaseRooi Els nasePringle Bay - osucekele phansi imizi emibili kanye ne-caravan.

ULester Smith, oyisikhulu sabezicimamlilo e-Overstrand, uthe bathumele indiza enophephala emhlane ngoMsombuluko ngemuva kokuba umoya onamandla usuwehlile.

Umlilo uqubuke ngeSonto ekuseni ehlathini eliphakathi kwaseRooi Els nasePringle Bay.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo umfundisi weDoom

Kuthe lishona ilanga, imizi emibili kanye ne-caravan besekushiswe wumlilo.

Ayikho enye impahla eshile noma esengozini yokusha okwamanje.

Umoya onamandla udale inkinga ngeSonto, kodwa namhlanje ekuseni besewehlile. Kulindeleke kodwa ukuba umoya onamandla ubuye ngokuhamba kosuku.

Khonamanjalo ,umgwaqo u-R44 usuphinde wavulwa njengoba kade uvaliwe okwesikhashana.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild.
Jhb: 12-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-22°C a few tstorms. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...