Owesilisa wase-KZN uboshelwe icala lokubulala emshadweni wakhe

2017-07-17 19:30

Durban - Bathuke boma abebehambele umshado wesintu KwaZulu-Natal ngesikhathi umkhwenyana edubula ngemizamo yokugwema ingxabano.

Lo mkhwenyana waseShowe odubule kane emshadweni ngeSonto usethweswe icala lokubulala.

Kushone ibhungu elineminyaka engu-18 ubudala kwalimala kanzima enye indoda kulesi sigameko esenzeke kulo mcimbi obuseZingwenya Reserve eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe abaseshi babophe umkhwenyana oneminyaka engu-38 ubudala.

OLUNYE UDABA:Umakoti we-OPW usolwa ngamanga

"Njengoba bekuwumshado wesintu, umshado ubuhanjelwe. Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi, kuqubuke impi phakathi kwabafana ababili," usho njalo.

"Umsolwa uvele wadubula ezama ukuhlakaza iqulu labantu, ngeshwa isisulu, 18, sithole amanxeba okudutshulwa emlenzeni nasekhwapheni. Isisulu sishonele endaweni yesigameko."

UZwane uthe kuphinde kwalimala enye indoda yona ephuthunyiswe esibhedlela.

"Umsolwa uboshelwe icala lokubulala nokuzama ukubulala. Kushaqwe isibhamu sakhe kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe maduze," usho njalo.

 - SowetanLIVE

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...