Umkhwenyana ukhiphe amahlazo kamakoti obemjolela emshadweni

2017-10-10 17:59

New York - Abebesemshadweni bekungathi babukele ibhayisikobho ngesikhathi umkhwenyana eveza amahlazo kamakoti wakhe phambi kwezihlwele ebezihambele umshado wabo.

Lo somabhizinisi waseSingapore kuthiwa wanquma ukuqasha umphenyi ngemuva kokusola ukuthi ingoduso yakhe iyamjolela.

Kuthe ngelanga lomshado, umkhwenyana wadlala i-video etshengisa umakoti wakhe ehamba nenye indoda.

Ngokwemibiko yeMirror, lo somabhizinisi waqasha umphenyi kanti nebala ucilo uzothuka ezishaya endukwini, njengoba izinsolo zakhe zaqinisekiswa.

OLUNYE UDABA: Ukwethuka ubaba eshaywa wumbani emshadweni wendodakazi

Kuthiwa umkhwenyana wayalela umseshi ukuba alalele unyendle umakoti isikhathi esingangenyanga, kanti umphenyi uzombona ngelinye ilanga ehamba nowesilisa osemncane kunaye ngokweminyaka beyongena ehhotela.

Umphenyi wabe esenikezela ngalobu bufakazi obaqoshwa nge-video kumkhwenyana. Umkhwenyana kuthiwa akazange ayithi vu le ndaba kowesifazane kwaze kwaba yilanga lomshado.

Kwathi ngelanga lomshado, kwadlala le video phambi kwezihambeli. Kuthiwa yaqala yatshengisa laba abashadayo ngezikhathi ezimnandi, bejabule kepha kwathi ngasekugcineni kwavela lo wesifazane nenye indoda.

Kuthiwa umakoti waphoxeka ngale ndlela yokuthi wavele wawushiya phakathi umshado waphuma ebaleka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-28 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...