Umkhwenyana 'ubulale' inkosikazi nabazali bayo

2017-04-04 16:01

Durban - Kusolwa umkhwenyana ngokubulawa kwezithandani nendodakazi yazo emzini oseWestcliff, KwaZulu-Natal, namuhla ekuseni.

Ngokusho kwamaphoyisa endaweni yesigameko, umkhwenyana uzinqume uqhoqhoqho ngemuva kwezinsolo zokuhlasela abasekhweni nenkosikazi yakhe.

Le ndoda ishonele esibhedlela sendawo ngemuva kwesikhashana ingeniswe khona, kubika iRising Sun Chatsworth.

OLUNYE UDABA: Ushaye umukhwe ngesitini obefuna umkakhe ngodli

Izakhamuzi ezisondelene nalo mndeni zithe umkhwenyana wafika ehlome ngocelemba efuna ukubona indodana yakhe.

"Lezi zithandani besezihlukene, lo wesilisa ubefuna ukubona indodana yakhe eneminyaka engu-8 ubudala. Wabe esecasuka wagenca izithandani nenkosikazi yakhe ngocelemba. Sicabanga ukuthi ubehlose ukuwubulala lo mndeni bese naye eyazibulala," kusho isakhamuzi.

Khonamanjalo, abosizo lokuqala bathe inkosikazi yale ndoda nabasekhweni bathole amanxeba amabi ekhanda, ebusweni, ezindlebeni emqaleni nasemlenzeni ngemuva kwalesi sigameko.

Amalungu omndeni awathandanga ukuphawula ngesigameko.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...