UMkhwebane ucele ukusiza uma sekuphenywa nge-state capture

2018-01-11 11:00

Johannesburg – UMvikeli woMphakathi ucele uMengameli Jacob Zuma ukuba uma sekwenziwa uphenyo nge-state capture kungagcini ngokuphenywa kuphela izinto ezabalulwa embikweni kaThuli Madonsela.

UBusisiwe Mkhwebane uthi ngenxa yokungabikho kahle kwezimali, uphenyo lukaMadonsela nge-state capture lwagxila ezintweni ezingu-12 kuphela.

Unxuse uZuma ukuba aqinisekise ukuthi kulezo zinto okuzophenywa ngazo kuyaphenywa nangokusetshenziswa kwezinhlaka zoMbuso kanye namabhizinisi kahulumeni.

OLUNYE UDABA: Kubulawe imantshi iphuma emsebenzini

UMkhwebane ucele ukuba iPhini lenhloko yamajaji uRaymond Zondo, ozokwengamela ikhomishini, linikezwe amandla okwandisa izinto okuzokwenziwa ngazo uphenyo.

UMkhwebane uthi umnyango wakhe uvuliwe ukusiza uma sekuhlanganiswa uhlu lwezinto okuzophenywa ngazo, uma kunesidingo.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...