#UmkhabaMustFall - Ramaphosa
2018-02-20 12:30
Cape Town - Akujwayelekile ukubona umengameli ezulazula phakathi kwabantu ekuseni, kodwa kuyacaca ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uliqala ngolunye unyawo ihlandla lakhe.
Namuhla ekuseni uRamaphosa ulule izinyawo esuka eGugulethu Sports Ground Centre elibangise e-Athlone Stadium.
URamaphosa uphinde wama endleleni ekhuluma nezakhamuzi ephinde athathe nazo izithombe.
OLUNYE UDABA:'Kubalulekile ukuzivocavoca'
Ngokuhamba kwesikhathi abantu baphume ngobuningi babo sebebona uRamaphosa esehla ngoKlipfontein Road.
UMengameli uthi ukuzivocavoca kubalulekile ukuze uzogcina ingqondo yakho ibukhali.
"Ngifuna ukuqgugquzela izakhamuzi zakuleli ukuba ziphile impilo enempilo futhi zibenomdlandla. Lokhu engikwenzayo ngizokwenza yonke indawo. Ngisazohambela nakwamanye amalokishi ukugqugquzela abantu ukuba bazivocavoce."
Uqhube ngokuthi: "#UmkhabMustFall. Ngifuna ukwehlisa umkhaba, ngakho ngizoqhubeka nokuzivocavoca ngale ndlela."
- Twitter:
- EWN
- News24