"Umkami usemncane kabi ukuthi angashiywa wumyeni wakhe, ngizoqinisela," uRobbie Malinga

2017-12-26 11:00

Kubuhlungu okwehlele umndeni kaRobbie Malinga ikakhulukazi izingane zakhe kanye nomkakhe owayebathanda.

Lo mculi olale ubuthongo bokugcina ngoMsombuluko ubesexineke kakhulu kulezi zinyanga zokugcina zokuphila kwakhe.

Yeze bekwaziwa ukuthi lo mculi akamuhle kahle ngakwezempilo njengoba kwavezwa ukuthi une-anaemia, wayezimisele ukulwa nalokhu kufa.

OLUNYE UDABA:Ujike wabamuncu uKhisimuzi ngokushona kukaRobbie Malinga

Ekhuluma nabamaphepha ngemuva kokuba aphuthunyiswe esibhedlela phakathi kwalo nyaka, nokwaba yisigameko esashiya abaningi becabanga ukuthi ngeke alulame, uMalinga wathi uyakusaba ukushiya umndeni wakhe osemncane kangaka.

"Bengisabela izingane zami. Izingane zami zitotoseke kakhulu, ngihlezi ngenza isiqiniseko sokuthi ngizenzela yonke into. Nomkami ngokunjalo, usemncane ukuthi angashonelwa umyeni wakhe, kodwa ngiyindoda eqiniselayo, ngiyikholwa," kusho yena

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...