Umisiwe umfundisi othuke inhlamba emsakazweni

2017-03-26 13:30

Umfundisi webandla iTrue Gospel Church umiswe yisiteshi somphakathi iMbokodo FM eThekwini kulandela ukuthuka inhlamba emoyeni.

Lo mfundisi uSimo Nene usakaza uhlelo lwezenkolo iDelabuthongo ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu emini umiswe ngoLwesibili.

Umthombo wephephandaba iSolezwe osebenzela sona lesi siteshi uthe abazi bekwenzenjani lo mfundisi azithele ngehlazo elingaka.

OLUNYE UDABA:Umfundisi ukhwife "isiwasho" kwasha amakholwa

Ngokwerekhodi le ntshumayelo yalo mfundisi uzwakale ethi: "Wake waya esihogweni kukhona umunti othi uyamgona uthi uyamphipha ubone ukuthi ukunyela kakhulu, kungcono uvele umdedele aziphaxazele ahambe aphaxaza yonke indlela," kusho lo mfundisi.

Ngesikhathi ethintwa lo mfundisi uvumile ukuthi umisiwe kulo msakazo, wathi kodwa kuyamethusa ukuthi kuthiwa umiselwe inhlamba.

Lo mfundisi uthi abaphathi bamthumela umlayezo bemtshela ukuthi uzomiswa, uthi utshelwe ukuthi umiselwe ukuthi akabhalanga ekhasini lika Facebook lomsakazo utshela abalandeli ukuthi yini azoyethula emoyeni.

Umphathi walesi siteshi ukuqinisekisile ukuthi lo mfundisi umisiwe ngoba lokhu akwenzile akuhambisana nemithetho ye-ICASA olawula ukusakaza nokuyiwona othi abasakazi akumele bazwakale bethuka inhlamba emoyeni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...