Umisiwe umfundi wasePMB kulandela ezokucwasa ngokobuzwe

2017-06-06 16:00

Pietermaritzburg - Umisiwe esikoleni umfundi wasesikoleni samantombazane esiseMgungundlovu ngemuva kokusabalala kwenkulumo eqoshiwe enokucwasa ngokobuzwe, ezinkundleni zokuxhumana.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uKwazi Mthethwa uqinisekise ngoLwesibili ukuthi abazali balo mfundi babhalelwe incwadi bebikelwa ngodaba.

"Lo mfundi umisiwe esikoleni njengoba kusalindwe imiphumela yophenyo," usho njalo.

Kukholakala ukuthi abaphathi besikole kanye nezisebenzi zikahulumeni babambe umhlangano ngoLwesibili ekuseni bedingida ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA:OwezeMfundo e-KZN uphenya ezokucwasa esikoleni esise-PMB

Kusabalale izinkulumo ezimbili eziqoshiwe ezinkundleni zokuxhumana zomfundi ezwakalisa ukudinwa kwakhe waze wasebenzisa igama lekhafu*a.

Lezi zinkulumo eziqoshiwe, kukholakala ukuthi bezithunyelelwe enye intombazane, bezithi: "Ngicasukile njengamanje...amakhaf*la awakwazi ukubiza kahle igama lami...bazongithola kahle ngoMsombuluko.

"Ekugcineni mina fanele ngibekezelele lonke ikilasi...la makhaf*la awakwazi ukubiza nokubhala igama lami kahle."

Abanye abafundi bakulesi sikole babhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukucasuka kwakhe kudalwa ukuxineka ngezivivinyo zaphakathi nonyaka eziqale ngoMsombuluko.

 - TMG Digital/TimesLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...