Umisiwe uthishanhloko otitinywe yizintombi ngenduku esikoleni

2016-09-19 14:34

Mpumalanga - Ugasele esikoleni engasadle nkobe zamuntu owesimame ongumasihlalisane kathishanhloko, kubika iMpumalanga News.

Kuthiwa lo wesimame owayengumfundi kamatikuletsheni kulesi sikole ubezofuna lo okuthiwa umnakwabo ongumfundi kamatikuletsheni.

Kuthiwa lezi zintombi zivele zaqonda ngqo ehhovisi likathishanhloko zamtitinya ngenduku kwaze kwalamula ozakwabo.

OLUNYE UDABA:Uthisha ubanjwe oqotsheni enza ucansi nomfundi

“Simangale kabi sibona uthishanhloko ehlaselwa izintombi zakhe. Sizwe enye imsola ngokuthi unika umnakwabo imali eningi kuneyakhe,”kusho abazibonele ngawabo.

Umnyango wezeMfundo esifundazweni saseMpumalanga, uthathe isinqumo sokumisa lo thisanhloko emsebenzini ngoba ehlambalaze isikole ngalokhu okwenzekile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...