Umisiwe esikoleni umfundi othele omunye ngamanzi abilayo

2017-09-19 14:00

Johannesburg – Umnyango wezeMfundo esifundazweni saseGauteng uqinisekile ukumiswa komfuni othele omunye ngamanzi abilayo esikoleni esiseKurhuleni.

Ngokwembiko etholwe ngabezindaba, lesi sigameko senzeke esikoleni esiseTsakane ngoLwesibili olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa aseTsakane uSergeant Lerato Mngomezulu, uthe lo mfundi uhambe waya egumbini lothisha eyolanda amanzi abilayo ethi uthunyiwe.

“Ufike ekilasini wabhunyela omunye umfundi ngalawa manzi,”kusho uMngomezulu.

OLUNYE UDABA:Umfundi ukhiyelwe egumbini eligcina impahla esikoleni - UMbiko

Lo mfundi waboshwa khona lapho kanti ubekwe icala lokuhlasela ngenhloso yokilimaza.

Okhulumela umnyango wezemfundo uSteve Mabona uthe lo mfundi umiswe esikoleni ngemuva kwalesi sigameko.

“Ibhodi elengamele isikole limise lo mfundi esikoleni njengoba kusenziwa uphenyo,”kusho uMabona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...