Umisiwe emsebenzini obesolwa ngokushendela uMengameli uZuma nePhini lakhe

2017-03-27 16:03

Johannesburg – USiyasanga Mbambani osebenza njenge-assistant director yeMedia Production ophikweni lukamengameli ka-Government and Communications Information System (GCIS), ukhonjwe indlela ngoLwesihlanu.

Lokhu kulandela izikhalazo mayelana nokungagqoki kwakhe ngendlela emsebenzini kanye nokungaziphathi kahle phambi kukaMengameli uJacob Zuma nePhini lakhe uCyril Ramaphosa.

Ukuxoshwa kukaMbambani kulandela ingxabano yemihla namalanga phakathi kwakhe nomphathi wakhe u-Elmond Jiyane ngokuziphatha kwakhe.

Kuthiwa laba bobabili babeqophisana ngamazwi bethumelana mamameyili, umphathi ekhuza le ntokazi nangokubiza uNgqongqoshe othile ngegama.

UJiyane kuthiwa waze wathi le ntokazi kumele iyoqeqeshwa ifunde indlela yokuziphatha uma kukhona abaphathi abakhulu.

OLUNYE UDABA:Besingenhla isikhwele kumama wengane ka-Emtee esaphaza umlandeli

Lo Mnyango ugcine uphoqeleka ukuba umumise emsebenzini ngoba ubebhala nangalo Mnyango ezinkundleni zokuxhumana, kubika i-Independent Media

UMbambane, 27, usola umphathi wakhe ngokumsukela emsola ngokuthi uzama ukushendela uZuma kanye noRamaphosa ngokugqoka izinto ezincane emsebenzini ngokuveza izinqa kanye namabele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...