Umholi weqembu eliphikisayo uboshelwe elokuzama ukubulala

2017-10-20 19:30

Kampala – Umholi weqembu eliphikisayo e-Uganda ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela kulandela ukubekwa icala lokuzama ukubulala, kusho umbiko.

Lokhu kuvezwe amaphoyisa ngoLwesihlanu ngemuva kokuba ehlakaze imashi ephikisana nobuholi bukaMengameli wezwe uYoweri Museveni.

UKizza Besigye, osehlulwe amahlandla amane okhethweni lokwengamela izwe ehlulwa uMuseveni, uboshwe ngoLwesine.

Amaphoyisa asola uBesigye ngokushona kwabantu ababili emashini yangoLwesithathu lapho amaphoyisa asebenzisa usisi olukhalisa unyembezi aphinde adubula ukuze ahlakaze laba babhikishi abebelwe nabasebenzi bakahulumeni.

“UBesigye kanye nozakwabo bebehola intsha ebishaya amaphoyisa ngamatshe nokuyinto eholele ekubulaweni kwababili," kusho okhulumela amaphoyisa uDenis Namuwoza.

OLUNYE UDABA: Ababhikishi bashise amaloli amabili eThekwini

Lolu dlame lwenzeka ngoLwesithathu endaweni yaseRukungiri ngasemngceleni wezwe neRwanda. Lo ube ngomunye wemibhikisho enodlame eholwa yilabo abangasamfuni umengameli.

Lolu dlame luqale ngemuva kokuthi umengameli wakuleli ezwakalise ukuthi weseka isiphakamiso somthetho omvumela ukuba ahlale elinye ihlandla kulesi sikhundla.

Lo mengameli useneminyaka engaphezu kwengu-30 ehola leli lizwe kanti kuthiwa umthetho ngeke usamvumela ukuba angenele ukhetho lwango-2021 ngoba umthetho uthi umengameli kumele abe neminyaka engaphansi kuka-75 yobudala.

Isiphakamiso sithi akuguqulwe lo mthetho ukuze kususwe iminyaka le ebekiwe.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...