Umholi we-IFP uthi uMadikizela-Mandela 'wayelishaya ibhodwe'

2018-04-09 19:30

Johannesburg – Umholi we-IFP, uMangosuthu Buthelezi, uchaze iqhawe lomzabalazo eselilele, uWinnie Madikizela-Mandela, njengomuntu ‘obelishaya ibhodwe’.

Uphinde wamchaza njengomholi weqiniso, owabuthwala ubunzima ngesikhathi sobandlululo.

"Ngiyazikhumbula ezinye izikhathi ngoba bobabili [uMadikizela-Mandela noNelson Mandela] babewuthanda umculo.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane ezintathu ziwelwa wudonga

“Ngiyakhumbula lezo zikhathi sizobathathu. Yena [uMadikizela-Mandela], wayepheka ukudla okuconsisa amathe esasikuthokozela noMadiba,” kusho uButhelezi.

"Kwakuyizinsuku ezimnandi ngaphambi kokuba uhulumeni wobandlululo ‘ubahlukanise’. Wahlukunyezwa ngezindlela ezingu-101. Kubalulekile kakhulu lokhuukuba sikukhumbule emlandweni wethu. Ngangimthanda kakhulu njengodadewethu futhi nanjengomunye wabaholi bami,” esho.

UMadikizela-Mandela wedlule emhlabeni ngeledlule kanti uzofihlwa ngo-Ephreli 14, 2018.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...