Umholi we-ANCYL udalule owamhlanganisa nabakwaGupta

2018-04-12 14:01

Johannesburg - Ugcine evumile ngemuva kweminyaka ephika umengameli we-ANC Youth League uCollen Maine ukuthi nguNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo owamhlanganisa nomndeni wakwaGupta.

"UMama Winnie wala ukuya kwabakwaGupta ngesikhathi iningi lizimisele,” kusho uMaine ngoLwesibili emcimbini wokukhumbula uWinnie Madikizela-Mandela ePotchefstroom, eNorth West.

"Kumele sibeneqiniso ngaleli qabane. Abanye bethu abaziyelanga ngokwabo laphayana, sahanjiwa. Kumele ngikusho ukuthi angiyiswanga kwabakwaGupta yilowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, kodwa kwaba nguSupra Mahumapelo. Leli yiqiniso."

Kwi-video, uMaine uzwakala ethi: “Asizihambelanga ngokwethu, sayiswa kwabakwaGupta. Umuntu owangihambisa mina nguSupra Mahumapelo.”

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka kubonakalai inja igijima ibambe ikhandla lomuntu ngomlomo

"Maqabane, uma ngelinye ilanga kuwomele ngivele enkantolo ngokuya laphayana [kwabakwaGupta], ningangilandeli. Anishongo ukuthi angiye khona.”

UMaine, ongatholakanga ukuba aphawule izolo, uphinde wezwakala kungathi uthi uyalweseka uphenyo nge-state capture.

USipho Dial, unobhala we-ANCYL eNorth West, ukuqinisekisile ukuthi uMahumapelo uyena owazisa uMaine emndenini wakwaGupta.

Okhulumela uMahumapelo uBrian Setswambung uthe uNdunankulu ngeke aphawule ngokushiwo nguMaine.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...